Sengize ngasha nezwi ngimemeza
Ngimemeza
Kodwa akekh' osabelayo
Kodwa makumemeza bona hhayi
I'm always there when they need me
They need me, they need me
Ngiyasabela
We bafethu kanti yini eyanenza ningasabeli
Eyanenza ningasabeli mangikhala nami
Bengithi izandla ziyagezana
Oh kanti nginamanga
Ngiyazikhohlisa mina
Ngingamane ngithemb' itshe
Kunokuthi ngithembe umuntu
Ngoba umuntu uzokujikela ebusweni njengotshwala
Izolo bafika kimi bebedinga usizo
Ngabanika
Kodwa mangibadinga ababongwa
Makuwuwe ngikhala nawe
Makuyimi ngikhala ngedwa
Sengiqanjwe negama elisha
Thu 'Mabizw' asabele
Hlala nami Nkosi
Namhlanje kunje nje nje
Ngenxa yokulunga kwami
I care too much